1. Izincazelo nezihumusho
- Izincazelo
Amagama noma amazwi alandelayo azochaza okulandelayo eNcwadini:
- “Imali yokufinyelela” kusho imali asemthethweni ngezinhloso zesigaba 22 (6) sePAIA;
- “IBhodi” kusho IBhodi leSouth African Responsible Gambling Foundation eliqokwe ngokoKuqoshwa Kokufakwa (MoI) njengoba licatshangelwe kuMthetho Wezinkampani, 71 ka- 2008 njengoba uchitshiyelwe.
- “Umnikazi wolwazi” kusho umuntu wemvelo noma womthetho uLwazi Olumayelana Nomuntu oluphathelene naye;
- “Isikhulu Esiyisekela Esiphethe Ezolwazi” noma “iDIO” kusho umuntu ogunyaziwe onomsebenzi wokusiza Isikhulu Esiphethe Ezolwazi ekuphatheni iPAIA;
- “Usuku lokuqala ukusebenza” kusho usuku lokuvunywa kwale Ncwadi yiBhodi leFoundation;
- “Isikhulu Esiphethe Ezolwazi” noma “iIO” kusho Umqondisi Omkhulu weFoundation;
- “Ukudlulisela phambili ukungeneliseki ngenqubo yangaphakathi” kusho ukudlulisela phambili ukungeneliseki ngenqubo yangaphakathi emnyangweni ofanele ngokulawula kweSigaba 74 sePAIA;
- “Incwadi” kusho le ncwadi, kanye nazo zonke izithasiselo zayo njengoba kuchitshiyelwe futhi kwakhishwa yiFoundation izikhathi nezikhathi;
- “iPAIA” kusho Umthetho Wokuthuthukiswa Kokufinyelela Olwazini OnguNombolo 2 ka- 2000 njengoba uchitshiyelwe;
- “iPOPIA” kusho Umthetho Wokuvikelwa KoLwazi Olumayelana Nomuntu OnguNombolo 4 ka-2013;
- “ULwazi Olumayelana Nomuntu” lunikezwe umqondo ngaphansi kwePOPIA futhi ngokuqondile lufaka noma yiluphi uhlobo lolwazi olungasetshenziselwa ukuhlonza
umnikazi wolwazi;
- “iPOPIA” isho Umthetho Wokuvikelwa KoLwazi Olumayelana Nomuntu, 2013 njengoba uchitshiyelwe izikhathi nezikhathi kanye neziqondiso ezisebenzayo;
- “Iziqondiso ZePOPIA” kusho iziqondiso eziphathelene Nokuvikelwa KoLwazi Olumayelana Nomuntu, 2018;
- “Irekhodi” liyophatha umqondo onikezwe lona kuPAIA futhi lifaka noma yiluphi ulwazi oluqoshiwe ngaphansi kokulawula kweFoundation;
- “Ukusebenza” kuyophatha umqondo onikezwe khona kuPOPIA futhi “Inqubo” inomqondo ohambisana nakho;
- “Umqondisi” kusho Umqondisi Wolwazi;
- “IRiphabhlikhi” kusho IRiphabhlikhi yaseNingizimu Afrika;
- “Isicelo sokufinyelela” kusho isicelo sokufinyelela erekhodini ngokulawula kweSigaba 11 sePAIA; futhi
- “Uhlangothi olusebenza udaba ” kusho isakhiwo somphakathi noma sangasese noma muphi omunye umuntu okuthi ngayedwa noma ekanye nabanye, anqume inhloso nomqondo wokusebenzisa uLwazi Olumayelana Nomuntu.
1.2. Izihumusho
- Ukubhekisa kunoma yikuphi ukusebenza komthetho kuyoqondakala njengokubhekisa ekusebenzeni kwalowo mthetho kusuka osukwini lokuqala ukusebenza kwale ncwadi nanjengoba uchitshiyelwe noma uthatha indawo yokunye izikhathi nezikhathi.
- Uma noma muphi umgomo osencazelweni uwumgomo ophathekayo onikeza ilungelo noma owethwesa isibophezelo kunoma yimuphi umkhakha/umuntu, khona-ke, kungasho lutho ukuthi kusencazelweni kuphela, lowo mgomo uyonikezwa amandla kube sengathi ungumgomo osemthethweni kule ncwadi.
- Lapho noma yiliphi igama noma izwi lichazwa ngaphakathi kwesigatshana esithile lelo gama noma izwi liyophatha umqondo eliwunikeziwe kuleso sigatshana noma kuphi lapho lisetshenziswa khona kule ncwadi.
- Noma yikuphi ukubhekisa ezinsukwini (ngaphandle kokubhekisa ezinsukwini zokusebenza), izinyanga noma iminyaka kuyoba ukubhekisa ezinsukwini, ezinyangeni noma iminyaka yekhalenda, ngokwaleso naleso simo. “Usuku lwebhizinisi” noma “Usuku lokusebenza” lusho noma yiluphi usuku ngaphandle koMgqibelo, iSonto noma iholidi lomphakathi njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho Wamaholidi Omphakathi, 1994 (njengoba uchitshiyelwe).
- Lapho kubekwa noma izinsuku ezingaki kule ncwadi, lelo nani ngeke lifake usuku lokuqala kanti luyofaka usuku lokugcina futhi uma usuku lokugcina luwuMgqibelo, iSonto noma iholidi lomphakathi, kuyoba wusuku lokugcina olungewona uMgqibelo, iSonto noma iholidi lomphakathi.
- Amagama athinta noma yibuphi ubulili obubodwa ayofaka obunye ubulili, futhi ubunye buyofaka ubuningi, ngaphandle kwalapho isimo okuxoxwa kuso/ngaso sikhomba okunye.
- Ukusetshenziswa kwegama elithi “okufaka” lilandelwa ngesibonelo esithile ngeke kuqondwe njengokukhawula umqondo ojwayelekile wamagama alandulelayo futhi umthetho we- eiusdem generis (okohlobo olufanayo) ngeke usetshenziswe ekuhumusheni umthetho walawo magama ajwayelekile noma leso sibonelo/izibonelo esibaluliw
- Uma kunokuphambana ekuhumusheni noma ekusetshenzisweni kwale ncwadi nePAIA, iPAIA iyona eyoba namandla.
2. Isingeniso
- Le ncwadi
- Ilungiswe ngokuhambisana nesigaba 14 soMthetho Wokuthuthukiswa Kokufinyelela Olwazini, 2000 (njengoba uchitshiyelwe) (“PAIA”).
- Le ncwadi ingachitshiyelwa izikhathi nezikhathi, futhi lapho sekwenziwe noma yikuphi ukuchibiyela, kuyoshicilelwa uhlobo olusha lwencwadi ngokuhambisana neP
- Abafaka izicelo bamenywa ukuba bathinte Isikhulu Esiphethe Ezolwazi noma Isikhulu Esiyisekela Esiphethe Ezolwazi seSouth African Responsible Gambling Foundation (“iFoundation”) uma bedinga noma yiluphi usizo mayelana nendlela yokusetshenziswa noma nokuqukethwe yile ncwadi.
- Izincazelo ezinikezwe kule Ncwadi ngeziqondene nale Ncwadi kuphela.
- Le Ncwadi ayisho ukuthi ikhuluma ngakho konke noma ibhekana ngokuphelele nazo izinqubo ezinikezwe kuPAIA. Abafaka izicelo belulekwa ukuba bayazi imigomo yePAIA phambi kokufaka noma yisiphi isicelo kuFoundation.
3. Umklamo weNcwadi
- Le ncwadi ilungiswe mayelana namarekhodi futhi isebenza kumaRekhodi eSouth African Responsible Gambling Foundation
4. Inhloso yeNcwadi
Le ncwadi yePAIA isiza umphakathi ukuba-
- ubheke izigaba zamarekhodi agcinwe yiSouth African Responsible Gambling Foundation (“IFoundation”) atholakala ngaphandle kokuthi umuntu afake isicelo esisemthethweni kuPAIA;
- ube nokuqonda okwanele ngendlela yokufaka isicelo sokufinyelela erekhodini lesikhungo, ngokuhlinzeka incazelo yabantu iFoundatio egcine amarekhodi abo kanye nezigaba zamarekhodi agciniwe amayelana nomnikazi werekhodi ngamunye;
- wazi incazelo yamarekhodi eFoundation atholakala ngokuhambisana noma namuphi omunye umthetho;
- wazi zonke izinsizakalo ezitholakala kuFoundation mayelana nezicelo zokufinyelela emarekhodini, phambi kokuya kuMqondisi noma ezinkantolo;
- ukuchaza izinkonzo ezitholakala kuMfaki Wesicelonjengoba zinikezwa yiFoundation, nangendlela yokufinyelela kulezo zinkonzo;
- ukwethula incazelo yoMhlahlandlela, njengoba ubuyekezwe nguMqondisi nangendlela yokufinyelela kuwo;
- ukuqonda ukuthi iFoundation izolusebenzisa yini ULwazi Olumayelana Nomuntu, inhloso yokulusebenzisa kanye nencazelo yezigaba Zabanikazi Bolwazi, kanye nolwazi noma izigaba zolwazi oluphathelene nabo;
- wazi ukuthi iFoundation ihlele ukudlulisela phambili yini noma ukusebenzisa uLwazi Olumayelana Nomuntu ngaphandle kweRiphabhlikhi yaseNingizimu
Afrika kanye nabantu abemukelayo noma izigaba zabantu abemukelayo abanganikezwa ULwazi Olumayelana Nomuntu;
- wazi ukuthi iFoundation inazo yini izindlela zokuvikela okufanele ukuqinisekisa ubumfihlo, ubuqotho kanye nokutholakala koLwazi Olumayelana Nomuntu oluzosetshenziswa; kanye
- nokufinyelela kuyo yonke imininingwane yokuxhumana yeSikhulu Esiphethe Ezolwazi kanye neZikhulu Ezingamasekela Eziphethe Ezolwazi ezizolekelela umphakathi ngamarekhodi oqonde ukufinyelela kuwo.
5. Imininingwane yokuxhumana esemqoka yokufinyelela olwazini
5.1. Isikhulu Esiphezulu Esiphethe Ezolwazi
Igama: Sibongile Simelane-Quntana
Ucingo : +27 011 266 7323
I-Imeyli: SibongileSQ@responsiblegambling.org.za
5.2. Izikhulu Esingamasekela Eziphethe Ezolwazi
Igama: Witness Saurombe
Ucingo : +27 11 026 7323
I-Imeyli: WitnessS@responsiblegambling.org.za
Igama: Velaphi Muhlarhi
Ucingo : +27 11 026 7323
I-Imeyli: VeliM@responsiblegambling.org.za
5.3. Imininingwane yabangathintwa ngokujayelekile ngokufinyelela olwazini
I-Imeyli: accesstoinformation@responsiblegambling.org.za
5.4. Ihhovisi Elikhulu
Ikheli Lendawo
The South African Responsible Gambling Foundation Sunnyside Office Park
32 Princess of Wales
2nd Floor Sentinel House Parktown
2193
I-cellphone: +27 11 026 7327
I-Imeyli: info@responsiblegambling.org.za
Iwebhusayithi: www.responsiblegambling.org.za
6. Umhlahlandlela wokusebenzisa iPAIA nokufinyelela kumhlahlandlela
- UMqondisi, ngokulawula kwesigaba 10(1) of PAIA, njengoba uchitshiyelwe, ubuyekeze futhi wakhipha Umhlahlandlela obuyekeziwe mayelana nendlela yokusebenzisa iPAIA (“Umhlahlandlela”), onesimo nendlela eqondakala kalula, njengoba kungadingwa ngumuntu ofisa ukusebenzisa noma yiliphi ilungelo elicatshangelwe kuPAIA nakuPOPIA.
- Amalunga omphakathi angahlola noma enze amakhophi oMhlahlandlela emahhovisi eFoundation ngamahora okusebenza ajwayelekile. Umhlahlandlela ungabuye utholakale:
- kuwebhusayithi yeFoundation https://www.responsiblegambling.org.za
- kuwebhusayithi kaMqondisi (https: //wwjustice.gov.za/inforeg/); kanye
- nasemahhovisi kaMqondisi, imininingwane yalo elapha ngezansi:
Ucingo : (010) 023 5200
I-imeyli: PAIACompliance@infoRegulator.org.za
Ikheli: Information Regulator South Africa
JD House
27 Stiemens Street
Braamfontein
Johannesburg,
2001
Ikheli leposi: P.O. Box 31533
Braamfontein Johannesburg, 2017
- Ikhophi yoMhlahlandlela iphinde itholakale ngezilimi ezisemthethweni ezimbili ezilandelayo, ukuze umphakathi uyihlole ngamahora okusebenza ajwayelekile-
- Izilimi ezimbili ezengeziwe lo mhlahlandlela ozotholakala ngazo yisiZulu nesiBhunu. IFoundation izinikele ekwenzeni ukuba umhlahlandlela utholakale ngezilimi ezengeziwe ngaphakathi kwezinyanga eziyy-12
kusuka osukwini lokushicilelwa kwale ncwadi.
7. Izigaba zamarekhodi eFoundation atholakala ngaphandle kokuba umuntu acele ukufinyelela kuwo
- Le ngxenye yeNcwadi yethula izigaba kanye nezincazelo zamarekhodi agcinwe yiFoundation. Ukufakwa kwanoma yisiphi isigaba samarekhodi akufanele kuthathwe ngokuthi kuqondwe ukuthi amarekhodi angaphakathi kwaleso sigaba ayotholakala ngaphansi kwePAIA. Ngokuqondile, kukhona izizathu ezithile zokwenqaba njengoba zibekwe kuPAIA ezingasebenza kuMfaki Wesicelosokufinyelela emarekhodini anjalo.
- Ulwazi Lokusebenza kanye Nezivumelwano zezigaba ezilandelayo:
- Izincwadi eziphathelene nenqubomgomo, izinhloso kanye nokuphathwa kweFoundation
- Izivumelwano noma namuphi umuntu noma uhulumeni.
- Izivumelwano zokuqasha.
- Umbhalo Ofakazela Ukuqonda
- Umbhalo Ofakazela Ukufakwa
- Ukuqwashiswa komphakathi
- Ukuqeqeshwa.
- Amarekhodi Ezezimali kanye nokugcinwa kwezimali zezigaba ezilandelayo:
- Amarekhodi ama-akhawunti asebhange.
- Iminikelo yemali ephelele yokugembula ekhokhwa abaphathi besikhungo zokugembula nokubhej
- Izincwadi zama-akhawunti
- Izitatimende zezezimali ezicwaningiw
- Imibiko yonyaka, kufaka nekhasi eliqopha ukungena nokuphuma kwemali kanye nesitatimende semali engenayo nephumayo esiqinisekiswe ngabacwaningi beFoundation.
- Izabelomali zonyaka kanye nezinhlelo zokusobenza zonyaka.
- Amarekhodi eVAT, ePAYE, neCOIDA.
- Amarekhodi kandabazabantu ezigaba ezilandelayo:
- Izinqubomgomo kanye nezinqubo.
- Izivumelwano, imibandela yezinkonzo kanye nezinye izivumelwano (okungafaki amafayela ezisebenzi).
- Amarekhodi esikhwama sempesheni kodwa angafaki ulwazi olumayelana nezisebenzi ngq
- Amarekhodi omfelandawonye wokwelashwa kodwa angafaki ulwazi olumayelana nezisebenzi ngq
- Ulwazi Ngamalungelo Abaqambi bemisebenzi yobuchopho ezigaba ezilandelayo
- Izimpawu
- Isiqubulo esithi Abaphumelelayo Bayazi Lapho Sekufane Bame
- Isiqubulo esithi Inkinga Yokugembula Iyalimaza
- Amathuluzi Okucwaninga
- Amathuluzi ezithombe
- Amathuluzi okuqeqesha
8. Ukuchazwa kwamarekhodi eFoundation atholakala ngokuhambisana noma namuphi omunye umthetho
| Isigaba samarekhodi | Umthetho osebenzayo |
| Umbhalo Ofakazela Ukufakwa | Umthetho Wezinkampani 71 ka-2008 |
| Incwadi yePAIA | Umthetho Wokuthuthukiswa Kokufinyelela
Olwazini 2 ka-2000 |
9. Inqubo Yokufaka Isicelo
- Ukugcwalisa ifomu elisemthethweni
- Noma yisiphi isicelo sokufinyelela erekhodini ngokulawula kwePAIA kufanele sihambisane kakhulu neFomu 2 lesithasiselo A seSaziso SikaHulumeni esinguNombolo 757 somhla ka-27 Agasti 2021 esikhishwe ngaphansi kwePAIA Iziqondiso futhi kufanele ziqonde ekubaluleni irekhodi elicelwayo. Sicela ubheke Isithasiselo A. Isicelo singabuye sifakwe ngesixhumanisi esilandelayo: https://responsiblegambling.org.za/paia-
- Isicelo sokufinyelela olwazini esingahambisani nendlela njengoba kulawula iPAIA ngeke sisetshenzwe futhi singachithwa futhi uMfaki Wesicelokufuneke ukuthi afake isicelo esisha esiyosetshenzwa njengesicelo esisha, ngalokho sinikezwe isikhathi sokulinda esibekwe lapha ngezansi.
- IPOPIA ithi umnikazi wolwazi angacela, lapho esenze isiqinisekiso sobuyena, ukuthi iFoundation iqinisekise, mahhala, lonke ulwazi elugcinile ngomnikazi wolwazi futhi angacela ukufinyelela kulolo lwazi, okufaka ulwazi olumayelana nokuhlonzwa kwabanye abantu abafinyelela noma abake bafinyelela kulolu lwaz
- IPOPIA futhi ibeka ukuthi umnikazi wolwazi kufanele akhokhe imali ngezinkonzo ezinikezwe, iFoundation kufanele inikeze umnikazi wolwazi isilinganiso esibhaliweyo sesamba esikhokhwayo phambi kokunikeza inkonzo futhi kungafuna ukuthi lowo mnikazi wolwazi akhokhe isibambiso sakho konke noma akhokhe ingxenye yemal Izizathu zokwenqaba isicelo somnikazi wolwazi zinikezwe kuPAIA futhi zidingidwa lapha ngezansi.
- POPIA ibeka ukuthi umnikazi wolwazi angaphikisana, noma nini, nokuba iFoundation isebenzise uLwazi Olumayelana Nomuntu, ngezizathu ezizwakalayo eziphathelene nesimo sakhe, ngaphandle kwalapho umthetho ukuhlinzekela lokhu kusetshenziswa. Umnikazi wolwazi kufanele agcwalise ifomu elisemthethweni elinanyathiselwe lapha njengeSithasiselo F bese elithumela esikhulwini Esiphethe Ezolwazi ekhelini lendawo, elikhonjwe ku-noma athumele ku-imeyli ethi info@responsiblegambling.org.za
- Irekhodi/amarekhodi oLwazi Olumayelana Nomuntu maqondana nomnikazi wolwazi iFoundation engasagunyaziwe ukulugcina ngokulawula ngemithetho yePOPIA yokugcina nokuvimbela ukuhlinzekwa kwamarekhodi;
- Irekhodi/amarekhodi oLwazi Olumayelana Nomuntu akufanele lugcinwe isikhathi esingaphezulu kokudingekile ukuba kufezeke
inhloso lolo lwazi obeluqoqelwe yona noma lwase lusetshenziselwa yona, ngaphandle kwalapho—
- ukugcinwa kwerekhodi kufunwa noma kugunyazwe ngumthetho;
- iFoundation ngokuzwakalayo idinga irekhodi ngenhloso esemthethweni ehambisana nemisebenzi yayo;
- ukugcinwa kwerekhodi kudingwa yisivumelwano phakathi kwezinhlangothi ezikusona; noma
- umnikazi wolwazi noma umuntu owethembekile esevumile ukuthi kugcinwe irekhodi uma umnikazi wolwazi eyingane.
- Ukubulala noma ukucisha irekhodi/amarekhodi oLwazi Olumayelana Nomuntu ngokulawula kweSigatshana (9.4.1) kufanele kwenziwe ngendlela evimbela ukuba lakhiwe kabusha ngesimo esilandelekayo.
- Irekhodi/amarekhodi oLwazi Olumayelana Nomuntu angagcinwa izikhathi ezingaphezulu kwalezo ezicatshangelwe eSigatshaneni (9.4.1) ngezinhloso zomlando, izibalo noma ukucwaninga uma iFoundation isimise izivikelo ezifanele ezivimba ukuba amarekhodi asetshenziselwe noma yiziphi ezinye izinhlos
- Umnikazi wolwazi ofisa ukucela ukulungisa noma ukucisha oLwazi Olumayelana Nomuntu noma ukubulala noma ukucisha irekhodi loLwazi Olumayelana Nomuntu kufanele afake isicelo eSikhulwini Esiphethe Ezolwazi ekhelini lendawo, noma ekhelini le-imeyli elibhalwe lapha ngenhla efomini elinanyathiselwe khona njengesithasiselo G. Isicelo futhi singafakwa ngesixhumanisi esilandelayo https://responsiblegambling.org.za/paia-workform/
- Lapho wenza isicelo esinje, kufuneka incwadi yokuzazisa ukuze uqinisekise umnikazi wolwazi kanye nocelayo. umnkazi wolwazi, ngaphezu kwaleli fomu elisemthethweni, kungase kudingeke ukuthi afake isiqinisekiso sobuyena esifana nekhophi kamazisi eqinisekisiwe noma enye indlela yokuzazisa.
- Ukuqinisekisa ubuwena/umazisi
Ukuqinisekisa ubuwena kuyafuneka ukuze kuqinisekiswe ukuthi ungubani nokuthi uMfaki Sicelo ungubani. Ngaphezu kwaleli fomu elisemthethweni, kungase kudingeke ukuthi afake isiqinisekiso sobuwena esifana nekhophi kamazisi eqinisekisiwe noma enye indlela yokuzazisa esemthethweni.
- Ukukhokha izimali ezisemthethweni
- Kunezigaba ezimbili zezimali ezikhokhwayo:
- Imali yesicelo: R140
- Imali yokufinyelela: le mali ibalwa ngokucabanga izindleko zokukhipha irekhodi, izindleko sokucinga nokulilungisa, kanye nezindleko zokuposa. Lezi zimali zibekwe esithasiselweni
- Isigaba 54 sePAIA sinikeza iFoundation amandla okubiza noma ukucela imali ukuze sikwazi ukubuyisa izindleko zokusebenza isicelo kanye nokufinyelela emarekhodini. izimali lelo e z i n g ab i z w a zibekwe esithasiselweni B seSaziso sikaHulumeni esinguOnguNombolo R.757 somhla ka 27 August 2021 esikhishwe ngaphansi kweziqondiso zePAIA. Sicela ubheke Isithasiselo B
- Lapho sesithathiwe isinqumo sokuvuma isicelo, irekhodi ngeke likhishwe kuze kukhokhwe ngokugcwele zonke izimali ezidingekayo.
- Izizathu zokwenqaba nemvume yokufinyelela kanye nokuvikelwa kolwazi:
- Kunezizathu ez eh l u k en e e z in g ez a s i c h i t hw e isicelo s okufinyelela erekhodin Lezi zizathu zifaka:
- ukuvikelwa koLwazi Olumayelana Nomuntu oluqondene nohlangothi lwesithathu (umuntu wemvelo) ekudalulweni okunesizathu esingezwakali.
- ukuvikelwa kolwazi lwezamabhizinisi ohlangothi lwesithathu (ngokwesibonelo: izimfihlo zokuhweba; ulwazi lwezezimali, amabhizinisi, lwesayensi noma lobuchwepheshe olungalimaza amabhizinisi noma izimali zohlangothi lwesithathu);
- uma ukudalula kungaholela ekwephulweni kwesibopho sokwethembeka ohlangothini lwesithathu;
- uma ukudalula kuzobeka engcupheni ukuphepha komuntu noma kuthunaze noma kuphazamise amalungelo athile okuqamba ohlangothi lwesithathu;
- uma irekhodi likhiqizwe enqubeni yecala lasenkantolo, ngaphandle kwalapho lelo lungelo lokomthetho lidedeliwe.;
- uma irekhodi liqukethe izimfihlo zokuhweba, ulwazi lwezezimali noma olubucayi noma naluphi ulwazi olungamisa kabi iFoundation ezingxoxweni noma luyilimaze ekuncintisaneni kwezohwebo; kanye/noma
- uma irekhodi liqukethe ulwazi ngocwaningo olwenziwayo noma oluzokwenziwa egameni lohlangothi lwesithathu noma leFoundation.
- Isigaba 70 sePAIA siqukethe umgomo ongaphezu kwakho konke.
Ukudalula irekhodi kuphoqelekile uma kuzoveza;
- ukwephula kakhulu noma ukwehluleka ukuhambisana nomthetho; noma
- kukhona ingozi enkulu yokungaphephi komphakathi noma indawo, kanye
- nalapho ukusizakala komphakathi ngokudalula irekhodi okukhulunywa ngalo kungaphezulu kakhulu komonakalo ocatshangelwe ukudalulwa kwalo.
- Uma isicelo sokufinyelela olwazini sithinta uhlangothi lwesithathu, lolo hlangothi lwesithathu kufanele luqale lwaziswe ngaphakathi
kwezinsuku ezingama-21 (amashumi amabili nanye) kwamukelwe isicelo. Uhlangothi Lwesithathu lona-ke luyokuba nezinye izinsuku ezingama-21 (amashumi amabili nanye) zokwenza izethulo kanye/noma ukwethula imibono mayelana nokuvunyelwa kokufinyelela erekhodini.
10. Ukusebenzisa uLwazi Olumayelana Nomuntu
- Inhloso Yokusebenzisa ULwazi Olumayelana Nomuntu
- Ngokulawula kwePOPIA, ULwazi Olumayelana Nomuntu kufanele lusetshenziselwe inhloso eshiwo.
- IFoundation izosebenzisa ULwazi Olumayelana Nomuntu kuphela ngezindlela olucelelwe zona, noma ezihambisana, nezinhloso lolo lwazi olwaqoqelwa zona noma ezibuye zagunyazwa ngumnikazi wolwazi ofanele.
- IFoundation iyogcina ULwazi Olumayelana Nomuntu kuphela uma nje lusadingekile ukuthi lufeze izinhloso zomsebenzi osemthethweni weFoundation noma uma ivunyelwa noma lufunwa ngumthetho ofan
- IFoundation isebenzisa ULwazi Olumayelana Nomuntu eluqoqela izinhloso ezilandelayo, okungagcini ngazo, njengoba zibekwe ngokugcwele kangcono kunqubomgomo yobumfihlo bolwazi etholakala kuwebhusayithi yeFoundation ethi, https://responsiblegambling.org.za/privacy-policy/
- Ngenhloso yokuhlinzeka ngemisebenzi yokwelapha, ukweluleka, ukuhlola isimo somqondo, ukuhlumelelisa kanye nokunye okuhambisana nakho;
- Ukudlulisela abantu kuNetwork of Treatment Professionals ukuze bathole ukwelashelwa isimo sokuziphatha ngendlela enokuqonda
- Ngezinhloso zokuqoqa ulwazi ngesikhathi socwaningo kanye nokuqwashiswa komphakathi, lolu lwazi luyohlolwa ngezinhloso zokulushicilela ngaphandle kokunika imininingwane noma ukushicilela uLwazi Olumayelana Nomuntu;
- Ngezinhloso zeminikelo ekugembuleni ngokunomqondo zesamba semali etholakale ngokugembula.;
- Ngezinhloso zokuhlola futhi nokudlulisa;
- Ngenhloso yokwamukela nokujwayeza abahlinzeki bezinkonzo;
- Ngezinhloso zokugcwalisa izivumelwano nabahlinzeki bezinkonzo;
- Ngezinhloso eziphathelene nokuqashwa kwezisebenzi njengokuheha izisebenzi, ukupha umnyango wamaholo, ukubheka imilando, nokwalusa izinga lokusebenza, njalonjalo.
- Ngezinhloso zocwaningo lwangaphakathi (okungukuthi, ukuqinisekisa ukuthi ukulawula umsebenzi wangaphakathi kuhamba kahle ukuze kuncishiswe izingozi ezihambisana nomsebenzi, kanye nokwenza noma yiluphi uphenyo lapho kudingeka khona);
- Ngokuhambisana nemithetho yentela;
- Ngezinhloso zokucwaninga kwangaphakath Ngale nhloso , iFoundation isebenza nabahlinzeki bezinkonzo bangaphandle futhi, ilapho yenza lokho, inikeza izinhlangothi zesithathu ULwazi Olumayelana Nomuntu lwabanikazi bolwazi;
- Ngokugcina amarekhodi ama-akhawunti;
- Ngezinye izinhloso Umnikazi Wolwazi angazivumela izikhathi nezikhathi; kanye
- Ngezinye izinhloso ezigunyazwa ngokulawula kwemithetho esebenzay
10.2. IFoundation ngeke isebenzise ULwazi Olumayelana Nomuntu eluqoqela noma yiziphi izinhloso ngaphandle kwalezo zinhloso ezibalulwe lapha.
11. Izigaba zabanikazi bolwazi kanye noLwazi Olumayelana Nomuntu
- IFoundation iqoqa ULwazi Olumayelana Nomuntu kuMnikazi Wolwazi kanye/noma ezisebenzini ngqo, ezinhlangothini zesithathu, kubahlinzeki bezinkonzo, nalapho iFoundation ithola ULwazi Olumayelana Nomuntu ohlangothini lwesithathu, iFoundation iyoqinisekisa ukuthi ithola imvume yomnikazi wolwazi yokwenza njalo noma iyosebenzisa ULwazi Olumayelana Nomuntu ngemvume yomnikazi wolwazi kuphela lapho iFoundation ivunyelwe khona ngokulawula kwemithetho efanele. Lolu hlu lwezigaba akulona olokugci
- Izibonelo Zezinhlangothi zesithathu okungatholakala kuzo ULwazi Olumayelana Nomuntu oluqoqwa kuzo zifaka noma yiluphi Uhlangothi Lwesithathu iFoundation esebenza nalo; izikhungo ezisemthethweni; izikhungo zokuqinisekisa; ezinye izinkampani ezinikeza izinkonzo kuFoundation kanye nalapho iFoundation isebenzisa imithombo yolwazi etholakala emphakathini.
- ULwazi Olumayelana Nomuntu oluphathelene nalokho luhlukaniswe kanje:
| Umnikazi Wolwazi | Ulwazi oluzosetshenziswa |
| Izikhungo Zokugembula | Amagama abantu abathintwayo, igama lesikhungo esisemthethweni, ikheli lendawo nekheli leposi nemininingwane yokuxhumana, inombolo yokubhalisa, izincwadi zokusungula, ulwazi oluhambisana nentela, abantu abagunyazwe ukusayina, izitatimende zezimali zonyaka, imali engene ngokugembula. |
| Abaqondisi Bezokugembula | Amagama abantu abathintwayo, igama lesikhungo esisemthethweni, ikheli lendawo nekheli leposi nemininingwane yokuxhumana, inombolo yokubhalisa |
| Abantu Abanenkinga Yokugembula | Amagama nezibongo, ikheli lendawo nekheli leposi nemininingwane yokuxhumana, ulwazi lwesimo sempilo yengqondo , ulwazi lwezempilo emzimbeni, |
| Abafundi | Ubulili, uhlanga, ubudala, ulimi, imfundo, amagama nesibongo, ikheli lendawo nekheli leposi nenombolo kamazisi |
| Abantu Abacwaningwayo | Amagama nesibongo, ubulili, uhlanga, isibongo, ulimi, imfundo, ukubamba iqhaza ekugembuleni |
| Ukuqwashiswa Komphakathi Nababambiqhaza Ekugembuleni | Ubulili, Uhlanga, isibongo, ulimi, imfundo, magama nesibongo, ukubamba iqhaza ekugembuleni |
| Izsebenzi | Ubulili, isimo sokushada, uhlanga, isibongo, ulimi, ulwazi ngemfundo, ulwazi ngezezimali, umlando wokuqashwa, inombolo kamazisi, ikheli lendawo nekheli leposi, imininingwane yokuxhumana, |
| Abahlinzeki Bezinkonzo | Amagama abantu abathintwayo, igama lesikhungo esisemthethweni, ikheli lendawo nekheli leposi nemininingwane yokuxhumana, inombolo yokubhalisa, izincwadi zokusungula, ulwazi oluhambisana nentela, abantu abagunyazwe ukusayina, |
| Eziunye Izinhlangothi Zesithathu | Amagama abantu abathintwayo, igama lesikhungo esisemthethweni, ikheli lendawo nekheli leposi nemininingwane yokuxhumana, inombolo yokubhalisa, izincwadi zokusungula, ulwazi oluhambisana nentela, abantu abagunyazwe ukusayina, |
11.4. Abantu abemukelayo noma izigaba zabantu abemukelayo abanganikezwa uLwazi Olumayelana Nomuntu;
| Isigaba soLwazi Olumayelana Nomuntu | Abantu Abemukelayo noma Izigaba Zabantu Abemukelayo abanganikezwa uLwazi Olumayelana Nomuntu |
| Inombolo kamazisi kanye namagama okusebenza ekubhekeni
isimo samacala obugebengu |
Izinkonzo Zamaphoyisa Aseningizimu Afrika |
| Izinga lemfundo, lokuqinisekisa imfundo | Isikhungo SaseNingizimu Afrika Esibhekele Izinga Lemfundo (SAQA) |
| Umlando wezikweletu kanye nowokukhokha izikweletu | Izikhungo Zezikweletu |
- Ngokuya nohlobo loLwazi Olumayelana Nomuntu, iFoundation inganikeza ulwazi noma amarekhodi ezigabeni ezilandelayo zabantu abemukelayo:
- Izikhungo Zomthetho zokwalusa, abaqondisi benza isicelo solwazi;
- Noma yiphi inkantolo, uhlaka olubhekene nokuphatha noma isikhungo sezomthetho, ukulamula, ikhomishani yomthetho, noma umxazululi benza isicelo solwazi noma ukukhishwa kwalo ngokulawula kwemithetho esebenzayo;
- Izinkonzo Zokuqoqa Intela eNingizimu Afrika, noma yiluphi olunye uhlaka olufanayo olunegunya;
- Noma yimuphi umuntu owenza isicelo sokufinyelela olwazini ngempumelelo ngokulawula kwePAIA;
- Ngokwemigomo yePOPIA kanye noMthetho Kazwelonke Wezikweletu, ka-2005 (njengoba uchitshiyelwe), iFoundation ingalunikeza ulwazi olumayelana nesisebenzi kunoma yisiphi isikhungo sezikweletu noma izikhungo ezinikeza izikweletu uma leso sisebenzi sicele ukuthatha isikweletu futhi savuma ukuthi iFoundation ithintwe ukuze yelekelele enqubeni yokucela isikweletu; kanye
- Noma yimuphi umuntu osebenza neFoundation ekusebenzeni okujwayeleki
- IFoundation iyohambisana nePOPIA phambi kokudlulisela ULwazi Olumayelana Nomuntu oHlangothini Lwesithathu olungasebenzeli iFoundation. Phambi kokudlulisa ULwazi Olumayelana Nomuntu oHlangothini lwesithathu, njengomnikezi wenkonzo ogunyaziwe, iFoundation iyothola iziqinisekiso ezibhaliwe oHlangothini Lwesithathu oluzolusebenzisa uLwazi Olumayelana Nomuntu ngendlela ehambisana nePOPIA. Lapho iFoundation ithola ukuthi umnikezi nkonzo woHlangothi Lwesithathu usebenzisa noma uveza ULwazi Olumayelana Nomuntu ngendlela engahambisani nePOPIA, iFoundation iyothatha izinyathelo ezifaneleyo zokuvimba lokho kusetshenziswa noma ukudalulwa kolwazi.
11.7. Ukuhanjiswa koLwazi Olumayelana Nomuntu ngaphandle kwemingcele
- IFoundation ibhalise ezinkampanini ezehlukene zamazwe ngamazwe ezinjengeMicrosoft, Google, Apple, Samsung, Sage Payroll, Sage Storage, lapho olunye uLwazi Olumayelana Nomuntu lungagcinwa ku- cloud ngaphandle kweRiphabhlikh
- ULwazi Olumayelana Nomuntu oluyogcinwa kanye nezigaba zoLwazi Olumayelana Nomuntu.
| Isigaba soLwazi Olumayelana Nomuntu | Abantu abemukelayo noma Izigaba zabantu abemukelayo abanganikezwa uLwazi Olumayelana Nomuntu |
| Amagama, Isibongo, Ubulili, Ikheli lendawo, Ulwazi mayelana nekhadi lesikweletu, amakheli e-imeyli, izinombolo ze-cellphone | Microsoft, Google, Apple, Samsung, Sage Payroll, Sage Storage |
11.8. Ukuchazwa okujwayelekile kwezindlela zokuvikela ulwazi okufanele zisetshenziswe yilowo onesibopho sokuqinisekisa ubumfihlo, ubuqotho kanye nokutholakala kolwazi
- Ukuphepha nobumfihlo boLwazi Olumayelana Nomuntu kubaluleke kakhulu kuFoundation njengoba le Foundation isebenzise ubuchwepheshe obamukelekile bokuphatha kanye nezindlela zangaphakathi zokuvikela ULwazi Olumayelana Nomuntu ekuthini kufinyelelwe kulo ngokungagunyaziwe noma ukudalulwa kanye nokusetshenziswa okungafanele.
- IFoundation izinikele ekuqinisekiseni ukuthi izindlela zayo zokuvikela ezivikela Umnikazi woLwazi Olumayelana Nomuntu zihlala zihlolwa futhi zibuyekezwe lapho kudingeka.
- In Ekusebenziseni noma yiluphi ULwazi Olumayelana Nomuntu, iFoundation iyohambisana nezidingo eziphansi zobuchwepheshe nokuphepha kwenhlangano:
- Ukufinyelela mathupha – Ukufinyelela oLwazini Olumayelana Nomuntu kugcina emahhovisi eFoundation futhi kunikwa kuphela lezo zisebenzi ezidinga ukufinyelela kukho ukuze zenze umsebenzi othile kuphela.
- Ukuhlonza osebenzisayo ngokukhethekile – Isisebenzi ngasinye sinikezwe iNombolo Yomazisi ekhethekile, ngenxa yezibophezelo eziqinile zobumfihlo ngokulawula kwe- password yeFoundation kanye nenqubomgomo yobumfihl
- Ama-password – IFoundation iyoqinisekisa ukuthi kudingeke ama-password kunoma yikuphi ukufinyelela oLwazini Olumayelana Nomuntu ngokuhambisana nenqubomgomo yayo ye-password.
- Ukufinyelela mathupha kanye namalungelo – IFoundation iqinisekisa ukuthi ukufinyelela oLwazini Olumayelana Nomuntu kugcina ezisebenzini ngesimo “sokudinga ukwazi”, futhi Izisebenzi zeFoundation kufanele zisebenzise ngokungaphazami iNombolo Yazo Yokusebenza ekhethekile nama-password ukuze zifinyelele olwazin
- Amakhophi olwazi– IFoundation iqinisekisa ukuthi lonke ULwazi Olumayelana Nomuntu lude lukopishwa, ngokwezidingo zokusebenza nezomthetho, nokuthi lokho kukopishwa kuhlolwa njalo ukuze kuqinisekiswe ukuthi ULwazi Olumayelana Nomuntu lungabuyiseka uma lolo Lwazi Olumayelana Nomuntu lulahleka, lonakala noma lubulawa.
- Ukuvikelwa emagciwaneni ekhompyutha abulala ulwazi – IFoundation iqinisekisa ukuthi indawo yayo isebenzisa ubuchwepheshe bokuvikela ngokuphelele emagciwaneni abulala ulwazi, okuwubuchwepheshe obakhelwe ngqo ukuvikela iFoundation ekuhlaselweni okusha ngamagciwane abulala ulwaz
- Ukuskena izinga lokuhlaseleka – IFoundation ihlala ihlola ukuqina kodonga lokuvikela ukuze ihlole ukuthi ULwazi Olumayelana Nomuntu luvikeleke ngokwanele yini ezingozini eziqhamuka ngaphandl
12. Ukutholakala kweNcwadi
- Le ncwadi itholakala ngezilimi ezisemthethweni ezintathu, okuyisiNgisi, IsiBhunu nesiZul
- Le ncwadi itholakala kuwebhusayithi yeFoundation ethi https://www.responsiblegambling.org.za kanye nasemahhovisi eFoundation ukuze umphakathi uyihlole ngesikhathi samahora okusebenza ajwayelekile, kunoma yimuphi umuntu ocelayo futhi okhokha isamba semali eibekiwe nangokucelwa kuMqondisi.
13. Ukubuyekezwa kweNcwadi
Umphathi weFoundation uyode eyibuyekeza le ncwadi.
14. Amafomu asemthethweni nohlaka lwezimali
Amafomu nohlak lwezimali olusemthethweni ngaphansi kwePAIA kanye namafomu asemthethweni ngaphansi kwePOPIA ananyatheliswe kule ncwadi.
- Imali yekhophi yeNcwadi, njengoba icatshangelwe esithasiselweni B seziqondiso, iyokhokhwa ngaleyo naleyo khophi enobukhulu buka-A4 eyenziwe.
CHOFOZA LAPHA UKUZE ULANDE AMAFOMU
